AMahubo 89:6-8

AMahubo 89:6-8 ZUL20

Ngubani osemafini ongalinganiswa noSimakade na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noSimakade na? UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo. Simakade, Nkulunkulu Wamabandla, ngubani onjengawe na? Somandla, Simakade, ukwethembeka kwakho kukuzungezile.