AmaHubo 89:6-8
AmaHubo 89:6-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngubani osemafini ongalinganiswa noSimakade na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noSimakade na? UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo. Simakade, Nkulunkulu Wamabandla, ngubani onjengawe na? Somandla, Simakade, ukwethembeka kwakho kukuzungezile.
AmaHubo 89:6-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na? UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele; umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye. Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na? Unamandla, Jehova, nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa.
AmaHubo 89:6-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngoba ngubani ezulwini ongalinganiswa loJehova? Ngubani phakathi kwamadodana anamandla ongalinganiswa noJehova na? UNkulunkulu uyesabeka kakhulu ebandleni labangcwele futhi uyadunyiswa yibo bonke abamzungezile. Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe uJehova na? noma ekuthembekeni kwakho okuzungezile?