AMahubo 89

89
Umkhuleko Wocela Ukusizwa
IMaskili lika-Ethani umEzra
1Ngizohlabelela ngomusa kaSimakade
kuze kube phakade,
ngomlomo wami,
ngazise izizukulwane ngezizukulwane ukwethembeka kwakho.
2Ngimemezele ngithi:
“Umusa wakho umi ingunaphakade,
ukwethembeka kwakho ukuqinise emazulwini.”
3Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami,
ngafunga kuDavide, inceku yami, ngathi:
4“Uzalo lwakho ngizoluqinisa kuze kube phakade,
isihlalo sakho sobukhosi
ngisisimamise izizukulwane ngezizukulwane.” Sela
5Simakade, izimangaliso zakho ziyodunyiswa ngamazulu,
ukwethembeka kwakho, ebandleni labangcwele.
6Ngubani osemafini ongalinganiswa noSimakade na?
Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu
ongafaniswa noSimakade na?
7UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele,
umelwe ukuhlonishwa kakhulu
yibo bonke abamzungezileyo.
8Simakade, Nkulunkulu Wamabandla,
ngubani onjengawe na?
Somandla, Simakade,
ukwethembeka kwakho kukuzungezile.
9Wena ubusa amadlambi olwandle
lapho amaza alo ephakama,
Wena uyawathulisa.
10URahabi umchoboze wanjengobuleweyo,
ngengalo yakho enamandla,
wahlakaza izitha zakho.
11Izulu lingelakho, nomhlaba ungowakho,
izwe nokugcwala kwalo,
kukho konke, nguwe obeke isisekelo.
12Nguwe owadala inyakatho neningizimu,
iThabhori neHermoni kuyathokoza egameni lakho.
13Ingalo yakho inobuqhawe,
isandla sakho sinamandla,
esokunene sakho siphakeme.
14Ukulunga nobulungiswa
kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi,
umusa nokwethembeka kuhamba phambi kwakho.
15Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo,
sihamba ekukhanyeni kobukhona bakho, Simakade.
16Sithokoza egameni lakho usuku lonke,
siyaphakanyiswa ngokulunga kwakho,
17ngokuba Wena uyinkazimulo yamandla abo,
udumo lwethu luyophakama ngomusa wakho.
18Ngokuba isihlangu sethu singesikaSimakade,
inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli.
19Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono
kwabethembekileyo bakho, wathi:
“Ngimsizile onamandla,
ngimphakamisile okhethwe phakathi kwabantu.
20Ngiyifumene inceku yami, uDavide,
ngayigcoba ngamafutha ami angcwele.
21Isandla sami siyakuba naye, simsimamise,
ingalo yami imqinise.
22Isitha asiyukumehlula,
nendodana yobubi ayiyukumhlupha.
23Izitha zakhe ngiyozichoboza ebuka,
ngibhubhise abamzondayo.
24Ukwethembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye,
egameni lami luyakuphakama udumo lwakhe.
25Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle,
esokunene sakhe phezu kwemifula.
26Uyakungibiza, athi:
“UnguBaba, unguNkulunkulu wami
nedwala lensindiso yami.”
27Ngiyomenza abe yizibulo
nophakemeyo kunamakhosi omhlaba.
28Umusa wami ngiyomgcinela wona
kuze kube phakade;
isivumelwano sami siyohlala siqinile kuye.
29Uzalo lwakhe ngiyolwenza lume
kuze kube phakade,
isihlalo sakhe sobukhosi siyokuma,
inqobo nje kusekhona isibhakabhaka.
30“Uma abantwana bakhe
bewushiya umthetho wami,
bengahambi ngezehlulelo zami,
31uma bephula izimiso zami,
bengayigcini imiyalo yami,
32ngiyakujezisa iziphambeko zabo ngenduku,
namacala abo ngemivimbo.
33Kepha umusa wami angiyukuwususa kuye,
ngingaphikisi ukuthembeka kwami.
34Isivumelwano sami angiyukusaphula,
nengikukhiphe ngezindebe zami angiyukukuguqula.
35Ngafunga ubungcwele bami kwakanye,
angiyukuwaqamba amanga kuDavide.
36Abozalo lwakhe bayakuma kuze kube phakade,
isihlalo sakhe sobukhosi
sibe njengelanga phambi kwami.
37Bayakuma kuze kube phakade njengenyanga,
ibe ngufakazi esibhakabhakeni.”
38Nokho ogcotshiweyo wakho
usumlahlile, wamala, wamthukuthelela.
39Usichithile isivumelwano senceku yakho,
wawungcolisa othulini umqhele wayo.
40Udilize zonke izindonga zakhe,
wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo.
41Bonke abadlula ngendlela bayamphanga,
useyihlazo kwabakhelene naye.
42Uphakamise esokunene sezitha zakhe,
wajabulisa zonke izitha zakhe.
43Futhi uyenze yaba buthuntu inkemba yakhe,
awumsekelanga empini.
44Uyisusile inkazimulo yakhe,
wasiwisa phansi emhlabathini
isihlalo sakhe sobukhosi.
45Uzifinyezile izinsuku zobusha bakhe,
wamthela ngamahloni. Sela
46Simakade, kuyoze kube nini uzisithile,
nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo na?
47Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani,
nokuthi bonke abantwana babantu wabadalela ize.
48Ngubani oyophila angakuboni ukufa,
akhulule umphefumulo wakhe
emandleni endawo yabafileyo na? Sela
49Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala
owawufungela kuDavide ngokwethembeka kwakho na?
50Khumbula, Nkosi, ihlazo lezinceku zakho,
nokuthi ngithwele esifubeni sami
ihlazo lezizwe eziningi kakhulu,
51ezisola ngalo izitha zakho, Simakade,
ezisola ngalo ukuhamba kogcotshiweyo wakho.
52Makabongwe uSimakade, kuze kube phakade.
Amen, Amen.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 89: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume