AMahubo 88

88
Ukukhala Kosengozini Yokufa
Ihubo lamadodana kaKhora. Kumholi wokuhlabelela. NgeMahalati leyanoti. IMaskili likaHemani umEzra
1Simakade, Nkulunkulu wensindiso yami,
ngikhala imini nobusuku phambi kwakho.
2Beka indlebe yakho ekunxuseni kwami,
umkhuleko wami mawufike kuwe.
3Umphefumulo wami ugcwele izinsizi,
ukuphila kwami kusondele endaweni yabafileyo.
4Sengibalwa nabehlela emgodini,
sengifana nomuntu ongasenamandla.
5Ukhukho lwami luphakathi kwabafileyo,
nginjengababuleweyo, abalele ethuneni,
ongasabakhumbuli, asebesusiwe esandleni sakho.
6Ungibeke emgodini ojule kunayo yonke,
ebumnyameni, otweni.
7Ukuthukuthela kwakho kuphezu kwami;
ungishaye ngamadlambi akho wonke. Sela
8Ubaxoshele kude ebengikade ngazana nabo,
ungenze ngaba yisinengiso kubo;
ngivalelwe, angikwazi ukuphuma.
9Iso lami liyafa wusizi,
ngikhala kuwe, Simakade imihla yonke,
izandla zami ngizelulela kuwe.
10Uyakubenzela yini abafileyo isimangaliso na?
Izithunzi ziyovuka yini zikubonge na? Sela
11Ethuneni kuyolandiswa yini ngomusa wakho,
nangokwethembeka kwakho,
endaweni yokubhujiswa na?
12Ziyaziwa yini izimangaliso zakho ebumnyameni,
nokulunga kwakho ezweni lokukhohlwa na?
13Simakade, mina ngikhala kuwe,
ekuseni umkhuleko wami
uyenyuka phambi kwakho.
14Simakade, uwulahlelani umphefumulo wami?
Ungifihlelelani ubuso bakho na?
15Kusukela ebusheni bami ngihluphekile,
ngaba ngofayo,
ngathwala ukwesabeka kwakho, ngaphela.
16Ulaka lwakho oluvuthayo lungehlele,
ukwesabisa kwakho kungiqedile.
17Imihla yonke kungizungeze njengamanzi,
kungikake kanyekanye.
18Ubaxoshele kude isihlobo nomngani,
ubumnyama yibona obungumhlobo wami.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 88: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume