AMahubo 89:1-52

AMahubo 89:1-52 ZUL20

Ngizohlabelela ngomusa kaSimakade kuze kube phakade, ngomlomo wami, ngazise izizukulwane ngezizukulwane ukwethembeka kwakho. Ngimemezele ngithi: “Umusa wakho umi ingunaphakade, ukwethembeka kwakho ukuqinise emazulwini.” Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngafunga kuDavide, inceku yami, ngathi: “Uzalo lwakho ngizoluqinisa kuze kube phakade, isihlalo sakho sobukhosi ngisisimamise izizukulwane ngezizukulwane.” Sela Simakade, izimangaliso zakho ziyodunyiswa ngamazulu, ukwethembeka kwakho, ebandleni labangcwele. Ngubani osemafini ongalinganiswa noSimakade na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noSimakade na? UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo. Simakade, Nkulunkulu Wamabandla, ngubani onjengawe na? Somandla, Simakade, ukwethembeka kwakho kukuzungezile. Wena ubusa amadlambi olwandle lapho amaza alo ephakama, Wena uyawathulisa. URahabi umchoboze wanjengobuleweyo, ngengalo yakho enamandla, wahlakaza izitha zakho. Izulu lingelakho, nomhlaba ungowakho, izwe nokugcwala kwalo, kukho konke, nguwe obeke isisekelo. Nguwe owadala inyakatho neningizimu, iThabhori neHermoni kuyathokoza egameni lakho. Ingalo yakho inobuqhawe, isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme. Ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi, umusa nokwethembeka kuhamba phambi kwakho. Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo, sihamba ekukhanyeni kobukhona bakho, Simakade. Sithokoza egameni lakho usuku lonke, siyaphakanyiswa ngokulunga kwakho, ngokuba Wena uyinkazimulo yamandla abo, udumo lwethu luyophakama ngomusa wakho. Ngokuba isihlangu sethu singesikaSimakade, inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli. Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kwabethembekileyo bakho, wathi: “Ngimsizile onamandla, ngimphakamisile okhethwe phakathi kwabantu. Ngiyifumene inceku yami, uDavide, ngayigcoba ngamafutha ami angcwele. Isandla sami siyakuba naye, simsimamise, ingalo yami imqinise. Isitha asiyukumehlula, nendodana yobubi ayiyukumhlupha. Izitha zakhe ngiyozichoboza ebuka, ngibhubhise abamzondayo. Ukwethembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye, egameni lami luyakuphakama udumo lwakhe. Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle, esokunene sakhe phezu kwemifula. Uyakungibiza, athi: “UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.” Ngiyomenza abe yizibulo nophakemeyo kunamakhosi omhlaba. Umusa wami ngiyomgcinela wona kuze kube phakade; isivumelwano sami siyohlala siqinile kuye. Uzalo lwakhe ngiyolwenza lume kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi siyokuma, inqobo nje kusekhona isibhakabhaka. “Uma abantwana bakhe bewushiya umthetho wami, bengahambi ngezehlulelo zami, uma bephula izimiso zami, bengayigcini imiyalo yami, ngiyakujezisa iziphambeko zabo ngenduku, namacala abo ngemivimbo. Kepha umusa wami angiyukuwususa kuye, ngingaphikisi ukuthembeka kwami. Isivumelwano sami angiyukusaphula, nengikukhiphe ngezindebe zami angiyukukuguqula. Ngafunga ubungcwele bami kwakanye, angiyukuwaqamba amanga kuDavide. Abozalo lwakhe bayakuma kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami. Bayakuma kuze kube phakade njengenyanga, ibe ngufakazi esibhakabhakeni.” Nokho ogcotshiweyo wakho usumlahlile, wamala, wamthukuthelela. Usichithile isivumelwano senceku yakho, wawungcolisa othulini umqhele wayo. Udilize zonke izindonga zakhe, wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo. Bonke abadlula ngendlela bayamphanga, useyihlazo kwabakhelene naye. Uphakamise esokunene sezitha zakhe, wajabulisa zonke izitha zakhe. Futhi uyenze yaba buthuntu inkemba yakhe, awumsekelanga empini. Uyisusile inkazimulo yakhe, wasiwisa phansi emhlabathini isihlalo sakhe sobukhosi. Uzifinyezile izinsuku zobusha bakhe, wamthela ngamahloni. Sela Simakade, kuyoze kube nini uzisithile, nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo na? Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani, nokuthi bonke abantwana babantu wabadalela ize. Ngubani oyophila angakuboni ukufa, akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo na? Sela Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala owawufungela kuDavide ngokwethembeka kwakho na? Khumbula, Nkosi, ihlazo lezinceku zakho, nokuthi ngithwele esifubeni sami ihlazo lezizwe eziningi kakhulu, ezisola ngalo izitha zakho, Simakade, ezisola ngalo ukuhamba kogcotshiweyo wakho. Makabongwe uSimakade, kuze kube phakade. Amen, Amen.