AmaHubo 89:1-52
AmaHubo 89:1-52 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngizohlabelela ngomusa kaSimakade kuze kube phakade, ngomlomo wami, ngazise izizukulwane ngezizukulwane ukwethembeka kwakho. Ngimemezele ngithi: “Umusa wakho umi ingunaphakade, ukwethembeka kwakho ukuqinise emazulwini.” Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngafunga kuDavide, inceku yami, ngathi: “Uzalo lwakho ngizoluqinisa kuze kube phakade, isihlalo sakho sobukhosi ngisisimamise izizukulwane ngezizukulwane.” Sela Simakade, izimangaliso zakho ziyodunyiswa ngamazulu, ukwethembeka kwakho, ebandleni labangcwele. Ngubani osemafini ongalinganiswa noSimakade na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noSimakade na? UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo. Simakade, Nkulunkulu Wamabandla, ngubani onjengawe na? Somandla, Simakade, ukwethembeka kwakho kukuzungezile. Wena ubusa amadlambi olwandle lapho amaza alo ephakama, Wena uyawathulisa. URahabi umchoboze wanjengobuleweyo, ngengalo yakho enamandla, wahlakaza izitha zakho. Izulu lingelakho, nomhlaba ungowakho, izwe nokugcwala kwalo, kukho konke, nguwe obeke isisekelo. Nguwe owadala inyakatho neningizimu, iThabhori neHermoni kuyathokoza egameni lakho. Ingalo yakho inobuqhawe, isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme. Ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi, umusa nokwethembeka kuhamba phambi kwakho. Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo, sihamba ekukhanyeni kobukhona bakho, Simakade. Sithokoza egameni lakho usuku lonke, siyaphakanyiswa ngokulunga kwakho, ngokuba Wena uyinkazimulo yamandla abo, udumo lwethu luyophakama ngomusa wakho. Ngokuba isihlangu sethu singesikaSimakade, inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli. Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kwabethembekileyo bakho, wathi: “Ngimsizile onamandla, ngimphakamisile okhethwe phakathi kwabantu. Ngiyifumene inceku yami, uDavide, ngayigcoba ngamafutha ami angcwele. Isandla sami siyakuba naye, simsimamise, ingalo yami imqinise. Isitha asiyukumehlula, nendodana yobubi ayiyukumhlupha. Izitha zakhe ngiyozichoboza ebuka, ngibhubhise abamzondayo. Ukwethembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye, egameni lami luyakuphakama udumo lwakhe. Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle, esokunene sakhe phezu kwemifula. Uyakungibiza, athi: “UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.” Ngiyomenza abe yizibulo nophakemeyo kunamakhosi omhlaba. Umusa wami ngiyomgcinela wona kuze kube phakade; isivumelwano sami siyohlala siqinile kuye. Uzalo lwakhe ngiyolwenza lume kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi siyokuma, inqobo nje kusekhona isibhakabhaka. “Uma abantwana bakhe bewushiya umthetho wami, bengahambi ngezehlulelo zami, uma bephula izimiso zami, bengayigcini imiyalo yami, ngiyakujezisa iziphambeko zabo ngenduku, namacala abo ngemivimbo. Kepha umusa wami angiyukuwususa kuye, ngingaphikisi ukuthembeka kwami. Isivumelwano sami angiyukusaphula, nengikukhiphe ngezindebe zami angiyukukuguqula. Ngafunga ubungcwele bami kwakanye, angiyukuwaqamba amanga kuDavide. Abozalo lwakhe bayakuma kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami. Bayakuma kuze kube phakade njengenyanga, ibe ngufakazi esibhakabhakeni.” Nokho ogcotshiweyo wakho usumlahlile, wamala, wamthukuthelela. Usichithile isivumelwano senceku yakho, wawungcolisa othulini umqhele wayo. Udilize zonke izindonga zakhe, wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo. Bonke abadlula ngendlela bayamphanga, useyihlazo kwabakhelene naye. Uphakamise esokunene sezitha zakhe, wajabulisa zonke izitha zakhe. Futhi uyenze yaba buthuntu inkemba yakhe, awumsekelanga empini. Uyisusile inkazimulo yakhe, wasiwisa phansi emhlabathini isihlalo sakhe sobukhosi. Uzifinyezile izinsuku zobusha bakhe, wamthela ngamahloni. Sela Simakade, kuyoze kube nini uzisithile, nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo na? Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani, nokuthi bonke abantwana babantu wabadalela ize. Ngubani oyophila angakuboni ukufa, akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo na? Sela Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala owawufungela kuDavide ngokwethembeka kwakho na? Khumbula, Nkosi, ihlazo lezinceku zakho, nokuthi ngithwele esifubeni sami ihlazo lezizwe eziningi kakhulu, ezisola ngalo izitha zakho, Simakade, ezisola ngalo ukuhamba kogcotshiweyo wakho. Makabongwe uSimakade, kuze kube phakade. Amen, Amen.
AmaHubo 89:1-52 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakuhlabelela ngomusa kaJehova kuze kube phakade, ngomlomo wami ngazise izizukulwane ngezizukulwane ukuthembeka kwakho. Ngokuba ngithe: “Umusa uyakwakhiwa kuze kube phakade; ezulwini uyaqinisa ukuthembeka kwakho.” Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngifungile kuye uDavide inceku yami ukuthi: “Ngiyakuqinisa inzalo yakho kuze kube phakade, ngisakhe isihlalo sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane.” Sela* Izimangaliso zakho, Jehova, ziyadunyiswa ngamazulu, ukuthembeka kwakho ebandleni labangcwele. Ngokuba ngubani osemafwini ongalinganiswa noJehova na? Ngubani phakathi kwamadodana kaNkulunkulu ongafaniswa noJehova na? UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emhlanganweni wabangcwele; umelwe ukuhlonishwa yibo bonke abangakuye. Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe na? Unamandla, Jehova, nokuthembeka kwakho kuyakuhaqa. Wena uyabusa ukukhukhumala kolwandle; uma kuphakama amadlambi alo, uyawathulisa. Wena uchobozile uRahabi njengobuleweyo; uhlakazile izitha zakho ngengalo yakho enamandla. Ngelakho izulu, ngowakho umhlaba; izwe nokugcwala kwalo, kukho konke ubeke isisekelo. Inyakatho neningizimu wakudala wena; iThabori neHermoni kuyajabula egameni lakho. Ingalo yakho inobuqhawe, isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme. Ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi; umusa neqiniso kuyahamba phambi kobuso bakho. Sibusisiwe isizwe esikwazi ukuhlabelela ngenjabulo; siyahamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho. Egameni lakho siyathokoza usuku lonke; ngokulunga kwakho siyaphakanyiswa. Ngokuba wena uyinkazimulo yamandla abo; ngomusa wakho uphondo lwethu luyaphakama. Ngokuba isihlangu sethu singesikaJehova; inkosi yethu ingeyoNgcwele ka-Israyeli. Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi: “Ngibekile usizo eqhaweni, ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu. Ngifumene inceku yami uDavide, ngimgcobile ngamafutha ami angcwele. Isandla sami siyakuba naye siqinile, ingalo yami iyakumqinisa. Isitha asiyikumahlula, nendodana yobubi ayiyikumhlupha. Ngiyakuchoboza izitha zakhe ebusweni bakhe, ngihluphe abamzondayo. Ukuthembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye; egameni lami luyakuphakama uphondo lwakhe. Ngiyakubeka isandla sakhe phezu kolwandle, esokunene sakhe phezu kwemifula. Uyakungibiza ngokuthi: ‘UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.’ Ngiyakumenza abe yizibulo nophakamileyo kunamakhosi omhlaba. Ngiyakumgcinela umusa wami kuze kube phakade; isivumelwano sami soba siqinile kuye. Ngiyakwenza inzalo yakhe ime kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengezinsuku zezulu. “Uma abantwana bakhe beshiya umthetho wami bengahambi ngezahlulelo zami, uma bephula izimiso zami bengagcini imiyalo yami, ngiyakuhambela izono zabo ngenduku, namacala abo ngemivimbo. Kepha umusa wami angiyikuwususa kuye, ngingaphikisi ukuthembeka kwami. Angiyikwaphula isivumelwano sami, nokuphumileyo ezindebeni zami angiyikukuguqula. Ngafunga kanye ubungcwele bami, angiyikuqamba amanga kuDavide. Inzalo yakhe iyakuma phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami. Iyakuma phakade njengenyanga nanjengofakazi othembekileyo osemafwini.” Sela* Kepha usumlahlile, wamala, wamthukuthelela ogcotshiweyo wakho. Uchithile isivumelwano senceku yakho, wadumaza umqhele wayo, wawuphonsa emhlabathini. Udilizile zonke izindonga zakhe, wazenza izinqaba zakhe zaba yincithakalo. Bonke abadlula ngendlela bayamphanga; waba yihlazo kwabakhelene naye. Uphakamisile esokunene sabamelene naye, wajabulisa zonke izitha zakhe. Futhi ubuyisele emuva usiko lwenkemba yakhe, awumvumelanga ukuma ekulweni. Ususile inkazimulo yakhe, wawisa phansi emhlabathini isihlalo sakhe sobukhosi. Ufinyezile izinsuku zobusha bakhe, wamthela ngamahloni. Sela* Koze kube nini uyakuzisitha, Jehova, nentukuthelo yakho ivutha njengomlilo, na? Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani nokuthi wadalela ize bonke abantwana babantu. Ngubani oyakuphila engayikubona ukufa, akhulule umphefumulo wakhe emandleni endawo yabafileyo, na? Sela* Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala owawufungela kuDavide ngokuthembeka kwakho na? Khumbula, Nkosi, ihlazo lezinceku zakho nokuthi ngithwele esifubeni sami ihlazo lezizwe eziningi kakhulu, ezisola ngalo izitha zakho, Jehova, ezisola ngalo ukuhamba kogcotshiweyo wakho. Makabongwe uJehova kuze kube phakade. Amen, Amen.
AmaHubo 89:1-52 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngiyakuhlabelela ngomusa kaJehova kuze kube phakade; ngomlomo wami ngiyakumemezela ukuthembeka kwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane. Ngokuba ngathi: Umusa uyakwakhiwa kuze kube phakade; Ukuthembeka kwakho kuyakukuqinisa ezulwini. Ngenza isivumelwano nabakhethiweyo bami, ngafunga encekwini yami uDavide, Ngiyakumisa inzalo yakho kuze kube phakade, ngakhe isihlalo sakho sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane. Sela. Amazulu azadumisa izimangaliso zakho, Jehova, lawe ugane ebandleni labangcwele. Ngoba ngubani ezulwini ongalinganiswa loJehova? Ngubani phakathi kwamadodana anamandla ongalinganiswa noJehova na? UNkulunkulu uyesabeka kakhulu ebandleni labangcwele futhi uyadunyiswa yibo bonke abamzungezile. Jehova Nkulunkulu Sebawoti, ngubani onjengawe uJehova na? noma ekuthembekeni kwakho okuzungezile? Wena ubusa phezu kolwandle olubilayo; ekuphakameni kwamagagasi awo, Uyawathulisa. Wena waphohloza uRahabi njengomuntu ohluliwe; Uhlakazile izitha zakho ngengalo yakho enamandla. Izulu lingelakho, umhlaba ungowakho; izwe nokugcwala kwalo, wena walisekela. Nguwena owadala inyakatho neningizimu: iThabori neHermoni ayakujabula egameni lakho. Unengalo enamandla, isandla sakho sinamandla, isandla sakho sokunene siphakeme. Ukulunga nokulunga kuyindawo yokuhlala yesihlalo sakho sobukhosi; umusa nokuthembeka kuyakuhamba phambi kwakho. Babusisiwe abantu abayaziyo intokozo; bayakuhamba, Jehova, ekukhanyeni kobuso bakho. Egameni lakho bayakujabula usuku lonke, baphakanyiswe ngokulunga kwakho. Ngoba wena uyinkazimulo yamandla abo, langokuthanda kwakho uphondo lwethu luzaphakanyiswa. Ngokuba uJehova uyisiphephelo sethu; futhi oNgcwele ka-Israyeli uyinkosi yethu. Khona-ke wakhuluma koNgcwele wakho embonweni wathi: “Nginikeze usizo olunamandla; ngiphakamisile okhethiweyo phakathi kwabantu. Ngifumene inceku yami uDavide; Ngamgcoba ngamafutha ami angcwele. Isandla sami siyakuqiniswa kubani; nengalo yami iyakumqinisa. Isitha asiyikukhuluma kuye; nendodana yobubi ayiyicindezeli. Futhi ngiyozinqoba izitha zakhe phambi kobuso bakhe futhi ngihluphe labo abamzondayo. Kodwa ukwethembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye, futhi uphondo lwakhe luyophakanyiswa egameni lami. Ngiyakubeka isandla sakhe olwandle nesandla sakhe sokunene emifuleni. Uyakungibiza ngokuthi: “Wena unguBaba, uNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami. Futhi ngizamenza izibulo lami, phezu kwamakhosi omhlaba. Ngizamgcinela umusa wami kuze kube nininini, lesivumelwano sami sizahlala kuye. Ngiyakwenza inzalo yakhe ime kuze kube phakade, nesihlalo sakhe sobukhosi sibe njengezinsuku zezulu. Uma abantwana bakhe beshiya umthetho wami, bengahambi ngezimiso zami; Uma bephula izimiso zami, bengayigcini imiyalo yami; Khona-ke ngiyojezisa iziphambeko zabo ngenduku nangobubi babo ngemivimbo. Kodwa ngeke ngiwususe ngokupheleleyo umusa wami kuye futhi ngeke ngivumele ukwethembeka kwami kuphele. Angiyikwephula isivumelwano sami, nokuphuma emlonyeni wami angiyikukuguqula. Ngake ngafunga ngobungcwele bami ukuthi angiyikuqamba amanga kuDavide. Inzalo yakhe iyakuma kuze kube phakade, nesihlalo sakhe sobukhosi sinjengelanga phambi kwami. Liyokuma kuze kube phakade njengenyanga nanjengofakazi othembekile ezulwini. Sela. Kepha wena wamlahla, wanengwa, wamthukuthelela ogcotshiweyo wakho. Uchithile isivumelwano senceku yakho; Ungcolise umqhele wakhe ngokuwuphonsa phansi. Udilizile zonke izindonga zakhe; Uchithile izinqaba zalo. Bonke abadlula ngendlela bayayiphanga; uyihlazo komakhelwane bakhe. Uphakamisile isandla sokunene sabamelene naye; Uthokozise izitha zakhe zonke. Futhi waphendula usiko lwenkemba yakhe, awumvumelanga ukuba ame empini. Wayiqeda inkazimulo yakhe, wawisa phansi isihlalo sakhe sobukhosi. Ufinyezile izinsuku zobusha bakhe; Umbethe ngamahloni. Sela. Koze kube nini, Jehova? uzocasha kuze kube phakade? intukuthelo yakho ivutha njengomlilo na? Khumbulani ukuthi isikhathi sami singakanani; kungani nenze abantu bonke kwaba yize na? Ngubani lo ongayikubona ukuphila lokufa? Ingabe uyowusindisa umphefumulo wakhe esandleni seHayidese? Sela. Nkosi, ziphi izihawu zakho zamandulo owathembisa uDavida ngeqiniso lakho? Cabanga, Nkosi, ngokuthukwa kwezinceku zakho; ngingakuthwala kanjani ukuthukwa kwabo bonke abantu abanamandla esifubeni sami; Izitha zakho ezihlambalaze ngazo, Jehova! abahlambalaza ngayo izinyathelo zogcotshiweyo wakho. Makabongwe uJehova kuze kube phakade. Amen, futhi Amen.