AMahubo 86:5-12

AMahubo 86:5-12 ZUL20

Wena, Nkosi umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe. Simakade, lalela umkhuleko wami, uzwe izwi lokunxusa kwami. Ngosuku lokuhlupheka kwami ngikhala kuwe, ngokuba uzongiphendula. Phakathi kwabo bonke onkulunkulu, akekho onjengawe, Nkosi, akukho okunjengemisebenzi yakho. Zonke izizwe ozidalileyo zizofika, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho, ngokuba Wena umkhulu, wenza izimangaliso, unguNkulunkulu, Wena wedwa. Simakade, ngifundise indlela yakho, ngizohamba eqinisweni lakho. Inhliziyo yami yenze iqonde into eyodwa vo, yesabe igama lakho. Nkosi Nkulunkulu wami, ngikubonga ngenhliziyo yami yonke, igama lakho ngilidumise kuze kube phakade

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 86:5-12