AmaHubo 86:5-12

AmaHubo 86:5-12 ZUL59

Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo, unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe. Jehova, beka indlebe ekukhulekeni kwami, ulalele izwi lokunxusa kwami. Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe, ngokuba uzakungiphendula. Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi; akukho okunjengemisebenzi yakho. Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke, zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho. Ngokuba umkhulu wena, uyenza izimangaliso, unguNkulunkulu wena wedwa. Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho. Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkulu wami, ngenhliziyo yonke yami, ngidumise igama lakho kuze kube phakade.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 86:5-12