Simakade, ulibusisile izwe lakho, wamenzela inhlalakahle futhi uJakobe. Walisusa icala labantu bakho, wazisibekela zonke izono zabo. Sela Uyihoxisile yonke intukuthelo yakho, waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho. Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, uyeke ukusicasukela. Uzohlala usithukuthelele yini na? Ulaka lwakho ulwedlulisele phezu kwezizukulwane ngezizukulwane na? Awuzukusivusa yini, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe na? Sikhombise ububele bakho, Simakade, usiphe insindiso yakho. Ngizokuzwa lokho uNkulunkulu uSimakade azokusho, uzosho ukuthula kubantu bakhe, nakulabo abamesabayo. Mabangabuyeli ebuwuleni! Impela insindiso yakhe iseduzane nabamesabayo, ukuze inkazimulo yakhe ihlale ezweni lakithi. Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula. Iqiniso liyovumbuka emhlabeni, ukulunga kubheke phansi kusezulwini. USimakade uyoveza okuhle, nezwe lethu liyothela izithelo zalo. Ukulunga kuyohamba phambi kwakhe, kuhlelembele izinyawo zakhe indlela.
Funda AMahubo 85
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 85:1-13
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo