AMahubo 85

85
Isizwe SikaNkulunkulu Sicelelwa Isibusiso Esisha
Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKhora. Ihubo
1Simakade, ulibusisile izwe lakho,
wamenzela inhlalakahle futhi uJakobe.
2Walisusa icala labantu bakho,
wazisibekela zonke izono zabo. Sela
3Uyihoxisile yonke intukuthelo yakho,
waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.
4Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu,
uyeke ukusicasukela.
5Uzohlala usithukuthelele yini na?
Ulaka lwakho ulwedlulisele
phezu kwezizukulwane ngezizukulwane na?
6Awuzukusivusa yini, sibuye siphile,
ukuze abantu bakho bathokoze ngawe na?
7Sikhombise ububele bakho, Simakade,
usiphe insindiso yakho.
8Ngizokuzwa lokho uNkulunkulu uSimakade azokusho,
uzosho ukuthula kubantu bakhe,
nakulabo abamesabayo.
Mabangabuyeli ebuwuleni!
9Impela insindiso yakhe iseduzane nabamesabayo,
ukuze inkazimulo yakhe
ihlale ezweni lakithi.
10Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso,
kwangane ukulunga nokuthula.
11Iqiniso liyovumbuka emhlabeni,
ukulunga kubheke phansi kusezulwini.
12USimakade uyoveza okuhle,
nezwe lethu liyothela izithelo zalo.
13Ukulunga kuyohamba phambi kwakhe,
kuhlelembele izinyawo zakhe indlela.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 85: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume