AMahubo 84

84
Izindlu ZikaSimakade Ziyathandeka
Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi. Elamadodana kaKhora. Ihubo
1Wo, zithandeka kangaka izindlu zakho,
Simakade Wamabandla!
2Umphefumulo wami ulangazelela,
womela amagceke kaSimakade.
Inhliziyo yami nomzimba wami
kuhuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.
3Ngokuba inyoni ifumene isidleke,
nenkonjane yazitholela isidleke sayo,
lapho ingabeka khona amaphuphu ayo,
ngisho kuma-althare akho,
Simakade Wamabandla,
Nkosi yami, Nkulunkulu wami.
4Babusisiwe abahlala endlini yakho;
bayakuhlala bebonga Wena. Sela
5Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe,
abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.
6Bedabula esigodini iBhakha,
basenza saba yindawo yeziphethu,
nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.
7Baqhubeka emandleni,
baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eZiyoni.
8Simakade Nkulunkulu Wamabandla,
yizwa umkhuleko wami,
ubeke indlebe, Nkulunkulu kaJakobe. Sela
9Wena Nkulunkulu,
Sihlangu sethu,
bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.
10Ngokuba usuku lulunye emagcekeni akho,
luhle kunezinye eziyizinkulungwane.
Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu
kaNkulunkulu wami,
kunokuhlala emathendeni ezikhohlakali.
11Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu,
uSimakade uyakupha umusa nodumo,
akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
12Simakade Wamabandla,
ubusisiwe okwethembayo.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 84: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume