AmaHubo 85:1-13
AmaHubo 85:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Jehova, wabusisa izwe lakho, wambuyisa uJakobe ekuthunjweni. Wasusa icala labantu bakho, wasibekela zonke izono zabo. Sela* Wamukisa yonke intukuthelo yakho, waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho. Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, ulahle ukusicanukela kwakho. Uyakusithukuthelela njalonjalo na? Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na? Awuzukusivusa, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na? Sitshengise umusa wakho, Jehova, usiphe insindiso yakho. Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma; uyakhuluma ukuthula kubantu bakhe nakubo abamesabayo; mabangabuyeli ebuwuleni. Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo, ukuze kuhlale udumo ezweni lethu. Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula. Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni, kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini. Yebo, uJehova uyakuveza okuhle; izwe lethu liyakuthela izithelo zalo. Ukulunga kuyakuhamba phambi kwakhe, kwenzele izinyawo zakhe indlela.
AmaHubo 85:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Simakade, ulibusisile izwe lakho, wamenzela inhlalakahle futhi uJakobe. Walisusa icala labantu bakho, wazisibekela zonke izono zabo. Sela Uyihoxisile yonke intukuthelo yakho, waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho. Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, uyeke ukusicasukela. Uzohlala usithukuthelele yini na? Ulaka lwakho ulwedlulisele phezu kwezizukulwane ngezizukulwane na? Awuzukusivusa yini, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe na? Sikhombise ububele bakho, Simakade, usiphe insindiso yakho. Ngizokuzwa lokho uNkulunkulu uSimakade azokusho, uzosho ukuthula kubantu bakhe, nakulabo abamesabayo. Mabangabuyeli ebuwuleni! Impela insindiso yakhe iseduzane nabamesabayo, ukuze inkazimulo yakhe ihlale ezweni lakithi. Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula. Iqiniso liyovumbuka emhlabeni, ukulunga kubheke phansi kusezulwini. USimakade uyoveza okuhle, nezwe lethu liyothela izithelo zalo. Ukulunga kuyohamba phambi kwakhe, kuhlelembele izinyawo zakhe indlela.
AmaHubo 85:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Jehova, wabusisa izwe lakho, wambuyisa uJakobe ekuthunjweni. Wasusa icala labantu bakho, wasibekela zonke izono zabo. Sela* Wamukisa yonke intukuthelo yakho, waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho. Sibuyise, Nkulunkulu wensindiso yethu, ulahle ukusicanukela kwakho. Uyakusithukuthelela njalonjalo na? Uyakwelulela ulaka lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane na? Awuzukusivusa, sibuye siphile, ukuze abantu bakho bathokoze ngawe, na? Sitshengise umusa wakho, Jehova, usiphe insindiso yakho. Mangizwe lokho uNkulunkulu uJehova azakukukhuluma; uyakhuluma ukuthula kubantu bakhe nakubo abamesabayo; mabangabuyeli ebuwuleni. Impela insindiso yakhe iseduze nabamesabayo, ukuze kuhlale udumo ezweni lethu. Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula. Kuyakuhluma iqiniso emhlabeni, kulunguzele phansi nokulunga kwasezulwini. Yebo, uJehova uyakuveza okuhle; izwe lethu liyakuthela izithelo zalo. Ukulunga kuyakuhamba phambi kwakhe, kwenzele izinyawo zakhe indlela.
AmaHubo 85:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, ihubo lamadodana kaKora. Jehova, wawuyintokozo ezweni lakho, wabuyisa isiphetho sikaJakobe. Uthethelele ububi babantu bakho, wasibekela zonke izono zabo. Sela. Ukususile konke ulaka lwakho; Usukile ekuvutheni kolaka lwakho. Phenduka, Nkulunkulu wensindiso yethu, luphele ulaka lwakho kithi. Uzasithukuthelela kuze kube nininini? ingabe i-UU izokhipha ulaka ezizukulwaneni ngezizukulwane? Awufuni yini ukusenza siphile, ukuze abantu bakho bajabule kuwe na? Sibonise umusa wakho, Jehova, usiphe insindiso yakho. Ngiyakuzwa lokho uNkulunkulu uJehova ayakukukhuluma, ngokuba uyakukhuluma ukuthula kubantu bakhe nakwabangcwele bakhe; kodwa kababuyele ebuwula. Ngempela, insindiso yakhe iseduze kwabamesabayo; ukuze inkazimulo ihlale ezweni lakithi. Umusa neqiniso kuhlangene; ubulungisa nokuthula kwangana. Iqiniso liyakuvela emhlabeni; nokulunga kuyokwehla ezulwini. Yebo, uJehova uyakunika okuhle; izwe lethu liyakuthela izithelo zalo. Ukulunga kuyakuphumela phambi kwakhe; futhi uyosibeka endleleni yezinyathelo zakhe.