AMahubo 84:1-4

AMahubo 84:1-4 ZUL20

Wo, zithandeka kangaka izindlu zakho, Simakade Wamabandla! Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaSimakade. Inhliziyo yami nomzimba wami kuhuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo. Ngokuba inyoni ifumene isidleke, nenkonjane yazitholela isidleke sayo, lapho ingabeka khona amaphuphu ayo, ngisho kuma-althare akho, Simakade Wamabandla, Nkosi yami, Nkulunkulu wami. Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga Wena. Sela