AmaHubo 84:1-4
AmaHubo 84:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wo, zithandeka kangaka izindlu zakho, Simakade Wamabandla! Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaSimakade. Inhliziyo yami nomzimba wami kuhuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo. Ngokuba inyoni ifumene isidleke, nenkonjane yazitholela isidleke sayo, lapho ingabeka khona amaphuphu ayo, ngisho kuma-althare akho, Simakade Wamabandla, Nkosi yami, Nkulunkulu wami. Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga Wena. Sela
AmaHubo 84:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Zithandeka kangaka izindlu zakho, Jehova Sebawoti. Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo. Ngokuba umzwilili ufumene indlu, nenkonjane isidleke sayo, lapho ibeka khona amazinyane ayo, ngisho ama-altare akho, Jehova Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami. Babusisiwe abahlala endlini yakho; bayakuhlala bebonga wena. Sela*
AmaHubo 84:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela eGiti. Ihubo lamadodana kaKora. Athandeka kanjani amatende akho, Jehova Sebawoti! Umphefumulo wami ulangazelela, yebo, ulangazelela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nenyama yami kukhalela kuNkulunkulu ophilayo. Yebo, inkonjane ithole indlu, nenkonjane isidleke sayo, lapho ingabeka khona amazinyane ayo, okungukuthi ama-altare akho, Jehova Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami. Babusisiwe abahlala endlini yakho; basazokudumisa. Sela.