UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda, igama lakhe likhulu kwa-Israyeli. Ithabanakeli lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseZiyoni. Kulapho ayephula khona imicibisholo yomnsalo, isihlangu, inkemba, nempi. Sela Lapho uvela ezintabeni zempango, uyakhazimula ngobukhosi. Amaqhawe aphangiwe, alala obokugcina, akukho qhawe elikwaze ukusebenzisa izandla zalo. Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, inqola nehhashi kwehlelwe ngubuthongo. Wena, yebo, Wena uyesabeka; ngubani ongema phambi kwakho lapho uthukuthele na? Wezwakalisa ukwehlulela kuvela ezulwini, umhlaba wesaba, wathula mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca. Thembisani, nizifeze izithembiso enizenza kuSimakade uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owesabekayo. Unquma umoya wezikhulu, uyesabeka emakhosini omhlaba.
Funda AMahubo 76
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 76:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo