AmaHubo 76:1-12

AmaHubo 76:1-12 ZUL59

UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda, igama lakhe likhulu kwa-Israyeli. Itabernakele* lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseSiyoni. Waphula lapho imicibisholo yomnsalo, nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela* Uyakhazimula ngobukhosi, lapho uvela ezintabeni zempango. Bachithekile abaqinile ngenhliziyo, balele ubuthongo babo; amaqhawe awafumanisanga izandla zawo. Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi. Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na? Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela* Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca. Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo. Uyanquma umoya wezikhulu, wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.