AMahubo 7:1-12

AMahubo 7:1-12 ZUL20

Simakade, Nkulunkulu wami, ngiyaphephela kuwe; ngisindise, ungikhulule kubo bonke abangixoshayo, funa bangidwengule njengengonyama, bangidweshule kungekho ongikhululayo. Simakade, Nkulunkulu wami, uma ngikwenzile lokho, uma kukhona ukungalungi ezandleni zami, uma ngiphindise ngokubi kohlalisene ngokuthula nami, ngaphanga isitha sami ngaphandle kwesizathu, isitha sami masiyizingele impilo yami, singifice. Siyidovadove phansi emhlabathini impilo yami, sidicilele phansi othulini isithunzi sami. Sela Phakama, Simakade, ngentukuthelo yakho. Vuka ngenxa yolaka lwezitha zami, zivuse ngokuba uyalezile ukwehlulela ngenxa yami! Umhlangano wabezizwe mawukubunganyele, ubuyele phezulu ngaphezu kwazo. Sengathi Simakade ungehlulela izizwe! Ngahlulele, Simakade, ngokulunga kwami nangobuqotho bami. Makuphele ukonakala kwababi, kodwa simamisa abalungileyo, wena ohlolisisa izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo. Nkulunkulu, uyisihlangu sami, ungumsindisi woqotho enhliziyweni. UNkulunkulu ungumehluleli olungileyo, noNkulunkulu othukuthela nsuku zonke. Uma umuntu engaphenduki, uyolola inkemba yakhe, uwukhokhile umnsalo wakhe, wama ngomumo

Funda AMahubo 7

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo