AMahubo 7

7
Umkhuleko Wokunxusa USimakade
IShigayoni likaDavide alihubela uSimakade ngenxa yamazwi kaKhushe wakwaBhenjamini
1Simakade, Nkulunkulu wami,
ngiyaphephela kuwe;
ngisindise, ungikhulule
kubo bonke abangixoshayo,
2funa bangidwengule njengengonyama,
bangidweshule kungekho ongikhululayo.
3Simakade, Nkulunkulu wami,
uma ngikwenzile lokho,
uma kukhona ukungalungi ezandleni zami,
4uma ngiphindise ngokubi
kohlalisene ngokuthula nami,
ngaphanga isitha sami ngaphandle kwesizathu,
5isitha sami masiyizingele impilo yami, singifice.
Siyidovadove phansi emhlabathini impilo yami,
sidicilele phansi othulini isithunzi sami. Sela
6Phakama, Simakade, ngentukuthelo yakho.
Vuka ngenxa yolaka lwezitha zami,
zivuse ngokuba uyalezile ukwehlulela
ngenxa yami!
7Umhlangano wabezizwe mawukubunganyele,
ubuyele phezulu ngaphezu kwazo.
8Sengathi Simakade ungehlulela izizwe!
Ngahlulele, Simakade, ngokulunga kwami
nangobuqotho bami.
9Makuphele ukonakala kwababi,
kodwa simamisa abalungileyo,
wena ohlolisisa izinhliziyo nezinso,
Nkulunkulu olungileyo.
10Nkulunkulu, uyisihlangu sami,
ungumsindisi woqotho enhliziyweni.
11UNkulunkulu ungumehluleli olungileyo,
noNkulunkulu othukuthela nsuku zonke.
12Uma umuntu engaphenduki,
uyolola inkemba yakhe,
uwukhokhile umnsalo wakhe,
wama ngomumo,
13umlungisele izikhali zokufa;
uyenza imicibisholo yakhe ivuthe umlilo.
14Sinemihelo ngobubi;
sikhulelwe ububi,
sizala amanga.
15Umba umgodi, usewumbile;
ukhalakathela emgodini abewumbile.
16Ububi bubuyela ekhanda lakhe,
ubudlova bakhe behlele ekhanda lakhe.
17Ngizokumnika uSimakade izibongo ezifanele
ukulunga kwakhe,
ngilihubele indumiso igama likaSimakade Ophezukonke.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 7: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo