AMahubo 8

8
Indodana Yomuntu Nenkazimulo Yayo
Kumholi wokuhlabelela. NgeGititi. Ihubo likaDavide
1Simakade, Nkulunkulu wethu,
yeka ukubabazeka kwegama lakho
emhlabeni wonke!
Wena obeke inkazimulo yakho phezu kwamazulu.
2Emlonyeni wezingane nowabancelayo,
umisile amandla ngenxa yezitha zakho,
ukuze ushabalalise isitha nomphindiseli.
3Lapho ngibuka izulu lakho,
umsebenzi weminwe yakho,
inyanga nezinkanyezi okumisileyo,
4uyini umuntu ukuba umkhumbule,
nendodana yomuntu ukuba uyinake na?
5Umenzile waba ngaphansana kukaNkulunkulu,
wamthwesa umqhele wodumo nobukhosi,
6umenze wabusa phezu kwemisebenzi
yezandla zakho;
wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe:
7zonke izimvu, izinkomo,
izilwane zasendle,
8izinyoni zezulu, izinhlanzi zasolwandle
nakho konke okuhamba ezindleleni zolwandle.
9Simakade, Nkulunkulu wethu
igama lakho libabazeka
kangaka emhlabeni wonke!

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 8: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo