AmaHubo 7:1-12

AmaHubo 7:1-12 ZUL59

Jehova, Nkulunkulu wami, ngiyaphephela kuwe; ngisindise kubo bonke abangizingelayo, ungikhulule, bangaze bawudwengule umphefumulo wami njengengonyama eklebhula, kungekho okhululayo. Jehova Nkulunkulu wami, uma ngikwenzile lokho, uma kukhona okubi ezandleni zami, uma ngiphindise okubi kohlalisene nami ngokuthula, ngaphanga isitha sami kungekho sici, isitha masiwuzingele umphefumulo wami, siwufice, sikunyathele phansi ukuphila kwami, nesithunzi sami sisilahle phansi othulini. Sela* Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela. Umhlangano wezizwe mawukuphahle, ubuyele phezulu ngaphezu kwawo. UJehova uyahlulela izizwe; ngahlulele, Jehova, ngokulunga kwami nangobuqotho bami obukimi. Makuphele ukonakala kwababi, kepha olungileyo mawumqinise. Nguwe phela ohlola izinhliziyo nezinso, Nkulunkulu olungileyo. Isihlangu sami sikuNkulunkulu osindisa abaqotho ngenhliziyo. UNkulunkulu ungumahluleli olungileyo; unguNkulunkulu othukuthela imihla yonke. Uma umuntu engaphenduki, uyakulola inkemba yakhe, ansale umnsalo wakhe, awulungisele

Funda AmaHubo 7

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo