Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba insindiso yami ivela kuye. NguYena kuphela oyidwala lami nensindiso yami; inqaba yami, angisoze nganyakaziswa. Kuyoze kube nini, nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke, njengodonga olutshekile nothango oludilikayo na? Baceba ukuwisa umuntu oqavileyo. Bathokozela amanga, bayabusisa ngemilomo yabo, kodwa ngengaphakathi, bayaqalekisa. Sela Mphefumulo wami, thula, ulindele uNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye. NguYena kuphela oyidwala lami, nensindiso yami, nenqaba yami; angiyukunyakaziswa. Ukuhlengwa kwami nodumo lwami kukuNkulunkulu, idwala lami eliqinileyo, isiphephelo sami sikuNkulunkulu. Bantu, yethembelani kuye ngezikhathi zonke, inhliziyo yenu niyithululele phambi kwakhe, uNkulunkulu uyisiphephelo sethu.
Funda AMahubo 62
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 62:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo