AMahubo 62

62
UNkulunkulu Uyisiphephelo Sethu
Kumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni. Ihubo likaDavide
1Mphefumulo wami, thula, ulindele
uNkulunkulu kuphela,
ngokuba insindiso yami ivela kuye.
2NguYena kuphela oyidwala lami
nensindiso yami;
inqaba yami, angisoze nganyakaziswa.
3Kuyoze kube nini, nisukela umuntu
ukuba nimbulale nonke,
njengodonga olutshekile
nothango oludilikayo na?
4Baceba ukuwisa umuntu oqavileyo.
Bathokozela amanga,
bayabusisa ngemilomo yabo,
kodwa ngengaphakathi, bayaqalekisa. Sela
5Mphefumulo wami, thula,
ulindele uNkulunkulu kuphela,
ngokuba ithemba lami livela kuye.
6NguYena kuphela oyidwala lami,
nensindiso yami, nenqaba yami;
angiyukunyakaziswa.
7Ukuhlengwa kwami nodumo lwami kukuNkulunkulu,
idwala lami eliqinileyo,
isiphephelo sami sikuNkulunkulu.
8Bantu, yethembelani kuye ngezikhathi zonke,
inhliziyo yenu niyithululele phambi kwakhe,
uNkulunkulu uyisiphephelo sethu.
9Abantukazana bangumoya nje,
nezikhulu zingamabunga,
uma bekalwa isilinganiso siyenyuka,
kodwa bonke balula kunomoya.
10Maningathembeli ekuqhwageni,
ningazigabisi ngokuphangiweyo.
Uma imfuyo yanda,
ningayibeki inhliziyo kuyo.
11UNkulunkulu ukhulume kanye,
ngakuzwa kabili lokho:
amandla angakaNkulunkulu,
12nobubele bungobakho, Nkosi.
Umuntu umvuza ngangokwenza kwakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 62: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume