AMahubo 61

61
Umkhuleko Wokucela Ukuphephela KuSimakade
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. ElikaDavide
1Nkulunkulu, yizwa ukukhala kwami,
ubeke indlebe emkhulekweni wami.
2Ngisemkhawulweni womhlaba, ngikhala kuwe
lapho inhliziyo yami idangele.
Ngiholele edwaleni eliphakemeyo kunami.
3Ngokuba Wena ube yisiphephelo sami,
umbhoshongo oqinileyo phambi kwesitha sami.
4Mangihlale ethendeni lakho ingunaphakade.
Mangikhosele emthunzini wamaphiko akho. Sela
5Ngokuba Wena, Nkulunkulu,
uzizwile izifungo zami,
wanginika isabelo salabo
abesaba igama lakho.
6Uzokwandisa izinsuku zokuphila kwenkosi,
iminyaka yayo ibe miningi ngangezizukulwane.
7Iyohlala embusweni,
phambi kukaNkulunkulu ingunaphakade.
Yiqokele ububele neqiniso,
ukuba kuyilonde.
8Ngakho-ke ngizolihubela igama lakho
kuze kube phakade,
ukuze ngifeze izifungo zami
usuku nosuku.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 61: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume