AmaHubo 62:1-8

AmaHubo 62:1-8 ZUL59

Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela; insindiso yami ivela kuye. Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa kakhulu. Koze kube nini nisukela umuntu ukuba nimbulale nonke njengodonga olwengemeyo nothango oludilikayo na? Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe, bathanda amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa. Sela* Mphefumulo wami, zithulisele kuNkulunkulu kuphela, ngokuba ithemba lami livela kuye. Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami; angiyikunyakaziswa. Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu; idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu. Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*