Simakade, ungangithethisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. Yiba nesihawu kimi, Simakade, ngokuba anginamandla; ngiphilise, Simakade, ngokuba amathambo ami ayankenketha. Umphefumulo wami uyesaba kakhulu, kepha Wena, Simakade, kuyoze kube nini na? Buya, Simakade, ukhulule impilo yami, ngisindise ngenxa yesihe sothando lwakho. Akukho ukukhumbula Wena kwelabafileyo; ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na? Ngikhathele ngenxa yokububula kwami. Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku, ngincibilikisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami. Iso lami liyafiphala, ngenxa yokudabuka; selibuthakathaka, ngenxa yezitha zami. Sukani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uSimakade ulizwile izwi lokukhala kwami. USimakade ukuzwile ukunxusa kwami, uSimakade uyakuwamukela umkhuleko wami. Zonke izitha zami ziyoba namahloni, ziphoxeke ngokwedlulele; ziyakubuyela emuva ngokuphazima kweso, zijabhile.
Funda AMahubo 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 6:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo