AmaHubo 6:1-10
AmaHubo 6:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. Yiba nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngidangele; ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela, nomphefumulo wami uyathuthumela, kepha wena Jehova, koze kube nini na? Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami, ungisindise ngenxa yesihawu sakho. Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni; ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na? Ngikhathele ukububula kwami; ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku, ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami. Iso lami liyafiphala ngokudabuka; liyaguga ngenxa yezitha zami zonke. Dedani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami; uJehova uzwile ukunxusa kwami, uJehova uyamukela umkhuleko wami. Zonke izitha zami ziyakujabha, zishaywe luvalo; ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.
AmaHubo 6:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Simakade, ungangithethisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. Yiba nesihawu kimi, Simakade, ngokuba anginamandla; ngiphilise, Simakade, ngokuba amathambo ami ayankenketha. Umphefumulo wami uyesaba kakhulu, kepha Wena, Simakade, kuyoze kube nini na? Buya, Simakade, ukhulule impilo yami, ngisindise ngenxa yesihe sothando lwakho. Akukho ukukhumbula Wena kwelabafileyo; ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na? Ngikhathele ngenxa yokububula kwami. Ngimantisa umbhede wami njalo ebusuku, ngincibilikisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami. Iso lami liyafiphala, ngenxa yokudabuka; selibuthakathaka, ngenxa yezitha zami. Sukani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uSimakade ulizwile izwi lokukhala kwami. USimakade ukuzwile ukunxusa kwami, uSimakade uyakuwamukela umkhuleko wami. Zonke izitha zami ziyoba namahloni, ziphoxeke ngokwedlulele; ziyakubuyela emuva ngokuphazima kweso, zijabhile.
AmaHubo 6:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela ngeNeginot ngeSeminiti, iHubo likaDavide. Jehova, ungangikhuzi ngentukuthelo yakho, ungangijezisi ngolaka lwakho. Yiba nomusa kimi, Jehova; ngoba ngibuthakathaka. Jehova, ngiphilise; ngoba amathambo ami aphukile. Umphefumulo wami udabukile kakhulu, kepha wena Jehova koze kube nini na? Buya, Jehova, usindise umphefumulo wami; ngisindise ngenxa yomusa wakho. Ngokuba ekufeni akukho ukukukhumbula; ngubani oyakukudumisa eHayidese na? Ngikhathele ukububula kwami; ubusuku bonke ngigezisa umbhede wami; nginisela ukhukho lwami ngezinyembezi. Iso lami liyaphela ngosizi; liyaguga ngenxa yezitha zami zonke. Sukani kimi nina nonke benzi bokubi! ngokuba uJehova wezwa izwi lokukhala kwami. UJehova wakuzwa ukunxusa kwami; uJehova uyakwamukela umkhuleko wami. Zonke izitha zami mazijabhe, zithukuthele kakhulu; mabebuya bema ngokuphazima kweso benamahloni.