Amahubo 6

6
Amahubo 6
Umphefumulo wami futhi ulusizi kakhulu, ihubo lokunxusa
1Kumholi wokuhlabelela ngeNeginot ngeSeminiti, iHubo likaDavide. Jehova, ungangikhuzi ngentukuthelo yakho, ungangijezisi ngolaka lwakho.
2Yiba nomusa kimi, Jehova; ngoba ngibuthakathaka. Jehova, ngiphilise; ngoba amathambo ami aphukile.
3Umphefumulo wami udabukile kakhulu, kepha wena Jehova koze kube nini na?
4Buya, Jehova, usindise umphefumulo wami; ngisindise ngenxa yomusa wakho.
5Ngokuba ekufeni akukho ukukukhumbula; ngubani oyakukudumisa eHayidese na?
6Ngikhathele ukububula kwami; ubusuku bonke ngigezisa umbhede wami; nginisela ukhukho lwami ngezinyembezi.
7Iso lami liyaphela ngosizi; liyaguga ngenxa yezitha zami zonke.
8Sukani kimi nina nonke benzi bokubi! ngokuba uJehova wezwa izwi lokukhala kwami.
9UJehova wakuzwa ukunxusa kwami; uJehova uyakwamukela umkhuleko wami.
10Zonke izitha zami mazijabhe, zithukuthele kakhulu; mabebuya bema ngokuphazima kweso benamahloni.

Okuqokiwe okwamanje:

Amahubo 6: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo