Amahubo 6:1-10

Amahubo 6:1-10 CZB24

Kumholi wokuhlabelela ngeNeginot ngeSeminiti, iHubo likaDavide. Jehova, ungangikhuzi ngentukuthelo yakho, ungangijezisi ngolaka lwakho. Yiba nomusa kimi, Jehova; ngoba ngibuthakathaka. Jehova, ngiphilise; ngoba amathambo ami aphukile. Umphefumulo wami udabukile kakhulu, kepha wena Jehova koze kube nini na? Buya, Jehova, usindise umphefumulo wami; ngisindise ngenxa yomusa wakho. Ngokuba ekufeni akukho ukukukhumbula; ngubani oyakukudumisa eHayidese na? Ngikhathele ukububula kwami; ubusuku bonke ngigezisa umbhede wami; nginisela ukhukho lwami ngezinyembezi. Iso lami liyaphela ngosizi; liyaguga ngenxa yezitha zami zonke. Sukani kimi nina nonke benzi bokubi! ngokuba uJehova wezwa izwi lokukhala kwami. UJehova wakuzwa ukunxusa kwami; uJehova uyakwamukela umkhuleko wami. Zonke izitha zami mazijabhe, zithukuthele kakhulu; mabebuya bema ngokuphazima kweso benamahloni.

Funda Amahubo 6