AMahubo 55:1-10

AMahubo 55:1-10 ZUL20

Nkulunkulu, lalela umkhuleko wami, ungazifihli ekunxuseni kwami. Ngizwele, ungiphendule; ngikhathazekile, ngiyabubula, ngixakekile, ngenxa yezwi lesitha, nangenxa yokucindezela komubi, bagingqela okubi phezu kwami, bangizingela bengithukuthelele. Inhliziyo yami iyathuthumela ngaphakathi, ukwesaba ukufa kungehlele. Nginengebhe, ngiyaqhaqhazela, ngikhungethwe wukwesaba. Ngibe sengithi: “Ukuba benginamaphiko njengejuba, ngabe ngindizela kwelikude, ngihlale khona nginethezeke.” Bengiyakubaleka, ngiye kude, ngihlale ehlane. Sela Bengizophuthuma ngithole umpheme ukuze ngiphephe ezivunguvungwini naseziphephweni. Bahlakaze, Nkosi, uphithanise ulimi lwabo, ngokuba ngibone ubudlova nengxabano emzini. Emini nasebusuku, bazulazula bezungeza phezu kwezingange zawo, inkohlakalo nenkathazo kukuwo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo