AMahubo 55

55
Umkhuleko Wohlamukwe Ngumngani Wakhe
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. IMaskili likaDavide
1Nkulunkulu, lalela umkhuleko wami,
ungazifihli ekunxuseni kwami.
2Ngizwele, ungiphendule;
ngikhathazekile, ngiyabubula, ngixakekile,
3ngenxa yezwi lesitha,
nangenxa yokucindezela komubi,
bagingqela okubi phezu kwami,
bangizingela bengithukuthelele.
4Inhliziyo yami iyathuthumela ngaphakathi,
ukwesaba ukufa kungehlele.
5Nginengebhe, ngiyaqhaqhazela,
ngikhungethwe wukwesaba.
6Ngibe sengithi:
“Ukuba benginamaphiko njengejuba,
ngabe ngindizela kwelikude,
ngihlale khona nginethezeke.”
7Bengiyakubaleka, ngiye kude,
ngihlale ehlane. Sela
8Bengizophuthuma ngithole umpheme
ukuze ngiphephe ezivunguvungwini naseziphephweni.
9Bahlakaze, Nkosi, uphithanise ulimi lwabo,
ngokuba ngibone ubudlova nengxabano emzini.
10Emini nasebusuku, bazulazula bezungeza phezu
kwezingange zawo,
inkohlakalo nenkathazo kukuwo.
11Incithakalo itholakala kuwo,
ingcindezelo nenkohliso akusuki esigcawini sawo.
12Ukuba bengiklolodelwa yisitha,
bengizokubekezelela lokho,
nokuba bekungongizondayo
oziphakamise phezu kwami, bengizomcashela.
13Kepha nguwe ntanga yethu,
mhlobo wami nomngani wami.
14Besihlala ndawonye kamnandi;
besihamba simshungu munye
siya endlini kaNkulunkulu
nebandla elithokozayo.
15Ukufa makubazume,
behlele endaweni yabafileyo besaphila,
ngokuba ububi busezindlini zabo,
phakathi kwabo.
16Kepha mina ngizokhala kuNkulunkulu
uSimakade, uzongisindisa.
17Ekuseni, emini nantambama ngizokhala kuye, ngibubule,
uzolizwa izwi lami.
18Uyakuwukhulula umphefumulo wami ngokuthula,
empini engibhekene nayo,
ngokuba baningi abamelene nami.
19UNkulunkulu esesihlalweni kwasemandulo uzongizwa, abathobise,
ngokuba abaphenduki,
futhi abamesabi uNkulunkulu.
20Ugadla kulabo ahlalisene kahle nabo,
usijivazile isivumelwano sakhe,
21amazwi akhe abushelelezi kunamafutha,
kodwa inhliziyo igaya izibozi.
22Phonsa umthwalo wakho kuSimakade,
Yena uzokusimamisa.
Akayukuvuma naphakade
ukuba olungileyo azanyazanyiswe.
23Wena Nkulunkulu uzobaphonsa emgodini ojulileyo
abantu abomele igazi nabakhohlisayo;
izinsuku zabo zokuphila
aziyukuba ngisho nayingxenye yazo,
kodwa mina ngizokwethemba Wena.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 55: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume