AmaHubo 55:1-10
AmaHubo 55:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nkulunkulu, lalela umkhuleko wami, ungazifihli ekunxuseni kwami. Ngizwele, ungiphendule; ngikhathazekile, ngiyabubula, ngixakekile, ngenxa yezwi lesitha, nangenxa yokucindezela komubi, bagingqela okubi phezu kwami, bangizingela bengithukuthelele. Inhliziyo yami iyathuthumela ngaphakathi, ukwesaba ukufa kungehlele. Nginengebhe, ngiyaqhaqhazela, ngikhungethwe wukwesaba. Ngibe sengithi: “Ukuba benginamaphiko njengejuba, ngabe ngindizela kwelikude, ngihlale khona nginethezeke.” Bengiyakubaleka, ngiye kude, ngihlale ehlane. Sela Bengizophuthuma ngithole umpheme ukuze ngiphephe ezivunguvungwini naseziphephweni. Bahlakaze, Nkosi, uphithanise ulimi lwabo, ngokuba ngibone ubudlova nengxabano emzini. Emini nasebusuku, bazulazula bezungeza phezu kwezingange zawo, inkohlakalo nenkathazo kukuwo.
AmaHubo 55:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lalela, Nkulunkulu, umkhuleko wami, ungazifihli ekunxuseni kwami. Ngizwele, ungiphendule; ngiyayaluza ekukhaleni kwami, ngiyabubula ngenxa yezwi lesitha, ngenxa yokucindezela komubi; ngokuba bagingqela okubi phezu kwami; bangizingela bethukuthele. Inhliziyo yami iyathuthumela phakathi kwami; amavuso okufa angehlele. Ngifikelwe luvalo nokuqhaqhazela; ngikhwelwe ngukwesaba okukhulu. Besengithi: “Sengathi ngingaba namaphiko njengejuba; ngabe ngindizela ekudeni, ngihlale khona.” Bheka, bengiyakubaleka, ngiye kude, ngingenise ehlane. Sela* Ngabe ngiphuthuma indawo yokuphepha emoyeni ovunguzayo nasesiphephweni. Bachithe, Nkosi, uphambanise ulimi lwabo, ngokuba ngibonile ubudlwangudlwangu nokuxabana emzini. Imini nobusuku bahamba bezungeza phezu kwezingange zawo; okubi nokushinga kuphakathi kwawo.
AmaHubo 55:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela ngeNeginoti, iMaskili, ihubo likaDavide. Yizwa umkhuleko wami, Nkulunkulu; futhi ungazifihli ekunxuseni kwami. Ngilaleleni, ningilalele; Ngiyalila ekukhaleni kwami, ngizwakalise ukukhala; Ngenxa yezwi lesitha, ngenxa yokucindezela kwababi; ngokuba baphonsa ububi phezu kwami, bangizonda ngokufutheka. Inhliziyo yami ibuhlungu phakathi kwami, lezivalo zokufa zingehlele. Ukwesaba nokuthuthumela kwangehlela, nokukhathazeka kwangehlela. Ngase ngithi: “O, ukube benginamaphiko njengejuba! ngoba bengizondiza ngihambe ngiphumule. Bheka, bengiyakuzulazula kude, ngihlale ehlane; Sela. Bengiyakusheshisa ukuphunyuka kwami esivunguvungwini nasesivunguvungwini. Chitha, Nkosi, uhlukanise izilimi zabo, ngokuba ngibonile ubudlova nokuxabana emzini. Imini nobusuku bayawudwengula ezindongeni zawo; nobubi nosizi kukuwo.