AMahubo 50:11-23

AMahubo 50:11-23 ZUL20

Ngizazi zonke izinyoni ezisezintabeni, nezilwane zasendle zaziwa yimi. Ukuba bengilambile, bengingeke ngitshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke, nakho konke okukuwo. Mina ngizokudla inyama yezinkunzi, ngiphuze igazi lezimpongo na? Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzifeze izithembiso zakho kuye Ophezukonke, ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.” Kepha komubi, uNkulunkulu uthi: “Yini ukuba ushumayele ngezimiso zami, ukhulume ngesivumelwano sami, ingani uyakuzonda ukuyalwa, amazwi ami uwabukela phansi na? Uma ubona isela, uvumelana nalo, neziphingi uhlanganyela nazo. Umlomo wakho uwuyekela ebubini, ulimi lwakho lubopha inkohliso. Uhlala ugxibha umfowenu, unyevuza indodana kanyoko. Lokho ukwenzile, ngathula, ushaye sengathi Mina nginjengawe; ngizakukusola, ngikubeke icala. “Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo. Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo