AmaHubo 50:11-23
AmaHubo 50:11-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngizazi zonke izinyoni ezisezintabeni, nezilwane zasendle zaziwa yimi. Ukuba bengilambile, bengingeke ngitshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke, nakho konke okukuwo. Mina ngizokudla inyama yezinkunzi, ngiphuze igazi lezimpongo na? Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzifeze izithembiso zakho kuye Ophezukonke, ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.” Kepha komubi, uNkulunkulu uthi: “Yini ukuba ushumayele ngezimiso zami, ukhulume ngesivumelwano sami, ingani uyakuzonda ukuyalwa, amazwi ami uwabukela phansi na? Uma ubona isela, uvumelana nalo, neziphingi uhlanganyela nazo. Umlomo wakho uwuyekela ebubini, ulimi lwakho lubopha inkohliso. Uhlala ugxibha umfowenu, unyevuza indodana kanyoko. Lokho ukwenzile, ngathula, ushaye sengathi Mina nginjengawe; ngizakukusola, ngikubeke icala. “Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo. Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa, oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”
AmaHubo 50:11-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni, nezilwane zasendle zaziwa yimi. Uma bengilambile, bengingekutshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo. Ngiyakudla yini inyama yezinkunzi, ngiphuze igazi lezimpongo, na? Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke; ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.” Kepha komubi uNkulunkulu uthi: “Yini ukuba ushumayele izimiso zami, uphathe isivumelwano sami ngomlomo wakho, ingani uyazonda ukuqondiswa, amazwi ami uwalahla emva kwakho, na? Uma ubona isela, uvumelana nalo; neziphingi uhlanganyela nazo. Umlomo wakho uwuyekela ebubini; ulimi lwakho luqamba inkohliso. Uhlala uhleba umfowenu; unyevuza indodana kanyoko. Lokho ukwenzile, ngathula; ushaye sengathi nginjengawe; ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho. “Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu, funa nginidwengule, kungabikho osindisayo. Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”
AmaHubo 50:11-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni, nezilwane zasendle zingezami. Uma bengilambile, bengingeke ngikutshele, ngokuba umhlaba ungowami nokugcwala kwawo. Ngiyakudla yini inyama yezinkunzi, ngiphuze igazi lezimbuzi na? Nikelani kuNkulunkulu ukubonga; futhi ugcwalise izifungo zakho koPhezukonke. Futhi ungibize ngosuku lwenhlupheko: ngizakusindisa, njalo uzangidumisa. Kodwa komubi uNkulunkulu uthi: Lizakwenzani ukuze utshumayele izimiso zami, kumbe ukuthi uthathe isivumelwano sami ngomlomo wakho? ngoba uyazonda ukulaywa njalo ulahla amazwi ami ngemva kwakho. Lapho ubona isela, wavumelana lalo, wahlanganyela leziphingi; Umlomo wakho uwunikela ebubini, nolimi lwakho lufunga inkohliso. Uhlezi ukhulume ngomfowenu; uhleba indodana kanyoko. Lezizinto wazenza, ngathula; ubucabanga ukuthi nginjengawe, kepha ngiyakukusola, ngikuyale phambi kwamehlo akho. Lalelani lokhu khathesi, lina elikhohlwa uNkulunkulu, ukuze ngingalidabula, njalo kungabi lamuntu osindisayo. Oletha udumo uyangidumisa; nakulowo oqondisa ukuhamba kwakhe, ngiyakumazisa insindiso kaNkulunkulu.