AmaHubo 50:11-23

AmaHubo 50:11-23 ZUL59

Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni, nezilwane zasendle zaziwa yimi. Uma bengilambile, bengingekutshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo. Ngiyakudla yini inyama yezinkunzi, ngiphuze igazi lezimpongo, na? Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke; ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.” Kepha komubi uNkulunkulu uthi: “Yini ukuba ushumayele izimiso zami, uphathe isivumelwano sami ngomlomo wakho, ingani uyazonda ukuqondiswa, amazwi ami uwalahla emva kwakho, na? Uma ubona isela, uvumelana nalo; neziphingi uhlanganyela nazo. Umlomo wakho uwuyekela ebubini; ulimi lwakho luqamba inkohliso. Uhlala uhleba umfowenu; unyevuza indodana kanyoko. Lokho ukwenzile, ngathula; ushaye sengathi nginjengawe; ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho. “Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu, funa nginidwengule, kungabikho osindisayo. Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo