AMahubo 48

48
Ubuhle Nodumo LweZiyoni
Igama. Ihubo lamadodana kaKhora
1Mkhulu uSimakade,
makadunyiswe emzini kaNkulunkulu wethu,
entabeni yakhe engcwele.
2Inhle ngokuphakama,
ingukuthokoza komhlaba wonke,
intaba iZiyoni isemaphethelweni enyakatho,
umuzi weNkosi enkulu.
3UNkulunkulu uyaziwa ezigodlweni ukuthi uyinqaba.
4Ngokuba amakhosi abuthana,
aqhubeka kanyekanye.
5Ayibona intaba iZiyoni, amangala,
ashaywa wuvalo, aphaphatheka,
6akhungathwa yingebhe lapho nemihelo,
njengokowesifazane otetayo.
7Ngomoya wasempumalanga,
waphula imikhumbi yaseTharishishi.
8Njengalokhu sizwile,
kanjalo sikubonile emzini kaSimakade Wamabandla,
emzini kaNkulunkulu wethu,
uNkulunkulu uyowumisa kuze kube phakade. Sela
9Sizindla ngomusa wakho, Simakade,
siphakathi ethempelini lakho.
10Njengoba linjalo igama lakho, Nkulunkulu,
zinjalo nezibongo zakho
kuze kube semikhawulweni yomhlaba,
isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.
11Intaba iZiyoni mayithokoze,
kwethabe amadodakazi akwaJuda,
ngenxa yezehlulelo zakho.
12Hambani nizungeze iZiyoni,
nihambe kuyo yonke indawo,
nibale imibhoshongo yalo.
13Qaphelani izindonga zalo,
nidabule ezigodlweni zalo,
ukuze nilandise ngalo
isizukulwane esisazozalwa,
14ukuthi impela lo Nkulunkulu,
unguNkulunkulu wethu waphakade naphakade.
Uzosihola kuze kube sekufeni.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 48: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume