AMahubo 49

49
Ubuwula Bokwethemba Ingcebo
Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKhora. Ihubo
1Lalelani lokhu nina bantu,
nonke bekani indlebe,
nonke zakhamuzi zasemhlabeni,
2abantukazana nezikhulu,
abacebileyo nabantulayo.
3Umlomo wami uzokhuluma ukuhlakanipha,
ukuzindla kwenhliziyo yami
kuzokuba ngukuqonda.
4Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga,
ngiphenye imfumbe yami ngehabhu.
5Yini ebengizoyesaba ngesikhathi senhlupheko,
lapho ngihaqwa wububi babangizingelayo,
6labo abethembela engcebeni yabo,
baqhoshe ngobuningi bomcebo wabo na?
7Impela umuntu angemhlenge umfowabo,
noma amhlawulele kuNkulunkulu.
8Ngokuba ukuhlengwa kwempilo yakhe
kubiza kakhulu,
ngeke kwafinyelelwa kukho nanini,
9ukuze umuntu aphile ingunaphakade,
angaliboni igodi.
10Qha, uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa,
nokuthi isiwula nesiphukuphuku siyabhubha;
umcebo wabo bawushiyele abanye.
11Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo
zizakuma kuze kube phakade,
nemizi yabo, ezizukulwaneni ngezizukulwane;
amazwe abo bawaqamba ngamagama abo.
12Kepha umuntu, nakuba enodumo,
akayukuhlala angafi,
ufana nezilwane ezibhubhayo.
13Le ndlela yabo ingubuwula babo,
balandelwa ngabathokozela amazwi abo. Sela
14Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu,
ukufa kuyakubelusa,
ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo,
isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo,
bangabe besaba nandlu.
15Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula
umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo,
ngokuba uyakungamukela. Sela
16Ungesabi uma umuntu eba yisicebi,
nxa umcebo wendlu yakhe wanda.
17Ngokuba ekufeni kwakhe akayukumuka nalutho,
umcebo wakhe awuyukwehla naye.
18Noma engawubusisa umphefumulo wakhe esaphila,
futhi abantu bamtuse,
ngokuba uzenzele kahle,
19nokho uyakuya esizukulwaneni sokhokho bakhe,
abayukukubona ukukhanya naphakade.
20Umuntu ebukhazikhazini bakhe engenakuqonda,
unjengezilwane ezibhubhayo.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 49: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume