AMahubo 40:11-17

AMahubo 40:11-17 ZUL20

Wena Simakade ungangigodleli ububele bakho, umusa wakho neqiniso lakho makuhlale kungilondile njalo. Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angikwazi ukubona, ziningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, inhliziyo yami isiphelelwe yithemba. Makuthandeke kuwe Simakade ukuba ungikhulule. Simakade, mawuphuthume ungisize. Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawubhubhise, abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe. Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi: “Ashila, ashila!” Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo, abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: “Makadunyiswe uSimakade.” Noma ngihlupheka, ngintula, iNkosi iyanginaka, Wena ungumsizi wami nomsindisi wami, Nkulunkulu wami, mawungalibali.