AmaHubo 40:11-17
AmaHubo 40:11-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wena Simakade ungangigodleli ububele bakho, umusa wakho neqiniso lakho makuhlale kungilondile njalo. Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angikwazi ukubona, ziningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, inhliziyo yami isiphelelwe yithemba. Makuthandeke kuwe Simakade ukuba ungikhulule. Simakade, mawuphuthume ungisize. Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawubhubhise, abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe. Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi: “Ashila, ashila!” Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo, abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: “Makadunyiswe uSimakade.” Noma ngihlupheka, ngintula, iNkosi iyanginaka, Wena ungumsizi wami nomsindisi wami, Nkulunkulu wami, mawungalibali.
AmaHubo 40:11-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho; umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo. Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angaze ngaba nakubona; ziningi kunezinwele zekhanda lami; inhliziyo yami ingishiyile. Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule; Jehova, mawuphuthume ungisize. Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe; abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe. Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi: “Ashila, ashila!” Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: “Makadunyiswe uJehova.” Noma ngihlupheka, ngimpofu, iNkosi iyanginaka; wena ungumsizi wami noMsindisi wami; Nkulunkulu wami, mawungalibali.
AmaHubo 40:11-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ungagodli kimi umusa wakho, Jehova; umusa wakho nokuthembeka kwakho makungilondoloze njalo. Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile; ziningi kunezinwele zekhanda lami; ngalokho inhliziyo yami ingiphazamisile. Kuthandeka, Jehova, ukungisindisa; O Jehova, shesha ungisize. Mabame benamahloni kanyekanye, babe namahloni abafuna umphefumulo wami ukuwubhubhisa; mababuyiselwe emuva bajabhe abangifisela okubi. Mabathukuthelele ihlazo labo abathi kimi: Ashila, ashila! Bonke abakufunayo mabajabule bajabule kuwe; abathanda insindiso yakho mabasho njalonjalo ukuthi: Makabe mkhulu uJehova; Kepha mina ngimpofu nompofu; nokho uJehova uyangikhumbula: Wena ulusizo lwami nomsindisi wami; ungalibali, Nkulunkulu wami.