AmaHubo 40:11-17

AmaHubo 40:11-17 ZUL59

Wena Jehova ungangigodleli ububele bakho; umusa wakho neqiniso lakho makungilonde njalo. Ngokuba izinhlupheko ezingenakubalwa zingihaqile, iziphambeko zami zingificile, angaze ngaba nakubona; ziningi kunezinwele zekhanda lami; inhliziyo yami ingishiyile. Makuthandeke kuwe Jehova ukuba ungikhulule; Jehova, mawuphuthume ungisize. Mabajabhe, babe namahloni bonke abafuna umphefumulo wami ukuba bawuhlwithe; abafisa ukulimala kwami mababuyiselwe emuva, bajabhiswe. Mabashaqeke ngenxa yehlazo labo abathi kimi: “Ashila, ashila!” Mabethabe, bajabule kuwe bonke abakufunayo; abathanda insindiso yakho mabasho njalo, bathi: “Makadunyiswe uJehova.” Noma ngihlupheka, ngimpofu, iNkosi iyanginaka; wena ungumsizi wami noMsindisi wami; Nkulunkulu wami, mawungalibali.