AMahubo 38:1-22

AMahubo 38:1-22 ZUL20

Simakade, ungangijezisi ngolaka lwakho, ungangishayi ngentukuthelo yakho. Ngokuba imicibisholo ingigwaze yagxila; isandla sakho singicindezele kanzima. Akukho ukuphila emzimbeni wami, ngenxa yentukuthelo yakho; amathambo ami awanampilo, ngenxa yesono sami. Ngokuba iziphambeko zami zedlula ikhanda lami, zingisinda njengomthwalo onzima. Izilonda zami zichicha ubomvu, ziyanuka, ngenxa yobuwula bami. Ngikhonkobele, ngithotshisiwe, usuku lonke ngiyazulazula, ngilila. Ukhalo lwami luyaqaqamba, akukho mpilo emzimbeni wami. Ngintekenteke, futhi ngitubeke kakhulu, ngiyakhala, ngiyaquma ngenxa yeminjunju enhliziyweni yami. Nkosi, zonke izifiso zami ziphambi kwakho, ukububula kwami akufihlakele kuwe. Inhliziyo yami ishaya ngamandla, umzimba ushona phansi, kunqundeke amehlo. Abangani nezihlobo zami bangihlubukile ngenxa yokuhlupheka engikukho, omakhelwane bami bahambela kude nami. Abaqamekela ukuphila kwami bayangicupha, abafuna ukungenzakalisa bakhuluma kabi ngami, bazindla okubi ngami usuku lonke. Kepha mina nginjengesithulu, angizwa, nginjengesimungulu esingakwazi ukukhuluma. Impela nginjengesithulu, nanjengesimungulu esingawuvuli umlomo waso. Ngethembele kuwe Simakade, Wena Nkosi Nkulunkulu wami, uzongiphendula. Ngokuba ngathi: “Labo abazikhukhumeza ngami, mabangajabuli ngami, lapho unyawo lwami lushelela.” Sengingawa noma yinini, ubuhlungu bami buphambi kwami, izikhathi zonke. Ngiyasivuma isiphambeko sami, ngiyazisola ngesono sami. Izitha zami ziphilile, zinamandla, baningi abangizondela ize; abaphindisela okuhle ngokubi, bengethwesa icala, ngokuba mina ngenza okulungileyo. Simakade, ungangishiyi, Nkulunkulu wami ungabi kude nami. Phuthuma ungisize, Nkosi, uyinsindiso yami.