Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile; isandla sakho singicindezele kanzima. Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho; akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami. Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda. Izilonda zami ziyanuka, zichicha ubovu ngenxa yobuwula bami. Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu; usuku lonke ngihamba ngilila. Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu; akukho ukuphila enyameni yami. Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami. Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho; ukububula kwami akufihlekile kuwe. Inhliziyo yami iyagquma kakhulu; amandla ami angishiyile, ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi. Abathandekayo bami nabahlobo bami bemi kude nokuhlupheka kwami; abakwethu bemi kude laphaya. Abafuna umphefumulo wami bayangicupha; abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, bazindla inkohliso usuku lonke. Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa; nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso. Yebo, nginjengomuntu ongezwayo; akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe. Ngokuba ngithemba wena Jehova; wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula. Ngokuba ngithe: “Funa bajabule ngami, ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.” Ngokuba ngiseduze kokuwa, nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke. Ngokuba ngiyabika ukona kwami; ngiyadabuka ngesono sami. Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla; baningi abangizonda ngeze. Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami, ngokuba ngilandela okulungileyo. Ungangishiyi, Jehova; Nkulunkulu wami, ungabi kude nami. Phuthuma, ungisize, Nkosi, nsindiso yami.
Funda AmaHubo 38
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AmaHubo 38:1-22
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo