AmaHubo 38:1-22
AmaHubo 38:1-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Simakade, ungangijezisi ngolaka lwakho, ungangishayi ngentukuthelo yakho. Ngokuba imicibisholo ingigwaze yagxila; isandla sakho singicindezele kanzima. Akukho ukuphila emzimbeni wami, ngenxa yentukuthelo yakho; amathambo ami awanampilo, ngenxa yesono sami. Ngokuba iziphambeko zami zedlula ikhanda lami, zingisinda njengomthwalo onzima. Izilonda zami zichicha ubomvu, ziyanuka, ngenxa yobuwula bami. Ngikhonkobele, ngithotshisiwe, usuku lonke ngiyazulazula, ngilila. Ukhalo lwami luyaqaqamba, akukho mpilo emzimbeni wami. Ngintekenteke, futhi ngitubeke kakhulu, ngiyakhala, ngiyaquma ngenxa yeminjunju enhliziyweni yami. Nkosi, zonke izifiso zami ziphambi kwakho, ukububula kwami akufihlakele kuwe. Inhliziyo yami ishaya ngamandla, umzimba ushona phansi, kunqundeke amehlo. Abangani nezihlobo zami bangihlubukile ngenxa yokuhlupheka engikukho, omakhelwane bami bahambela kude nami. Abaqamekela ukuphila kwami bayangicupha, abafuna ukungenzakalisa bakhuluma kabi ngami, bazindla okubi ngami usuku lonke. Kepha mina nginjengesithulu, angizwa, nginjengesimungulu esingakwazi ukukhuluma. Impela nginjengesithulu, nanjengesimungulu esingawuvuli umlomo waso. Ngethembele kuwe Simakade, Wena Nkosi Nkulunkulu wami, uzongiphendula. Ngokuba ngathi: “Labo abazikhukhumeza ngami, mabangajabuli ngami, lapho unyawo lwami lushelela.” Sengingawa noma yinini, ubuhlungu bami buphambi kwami, izikhathi zonke. Ngiyasivuma isiphambeko sami, ngiyazisola ngesono sami. Izitha zami ziphilile, zinamandla, baningi abangizondela ize; abaphindisela okuhle ngokubi, bengethwesa icala, ngokuba mina ngenza okulungileyo. Simakade, ungangishiyi, Nkulunkulu wami ungabi kude nami. Phuthuma ungisize, Nkosi, uyinsindiso yami.
AmaHubo 38:1-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile; isandla sakho singicindezele kanzima. Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho; akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami. Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda. Izilonda zami ziyanuka, zichicha ubovu ngenxa yobuwula bami. Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu; usuku lonke ngihamba ngilila. Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu; akukho ukuphila enyameni yami. Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami. Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho; ukububula kwami akufihlekile kuwe. Inhliziyo yami iyagquma kakhulu; amandla ami angishiyile, ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi. Abathandekayo bami nabahlobo bami bemi kude nokuhlupheka kwami; abakwethu bemi kude laphaya. Abafuna umphefumulo wami bayangicupha; abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, bazindla inkohliso usuku lonke. Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa; nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso. Yebo, nginjengomuntu ongezwayo; akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe. Ngokuba ngithemba wena Jehova; wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula. Ngokuba ngithe: “Funa bajabule ngami, ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.” Ngokuba ngiseduze kokuwa, nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke. Ngokuba ngiyabika ukona kwami; ngiyadabuka ngesono sami. Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla; baningi abangizonda ngeze. Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami, ngokuba ngilandela okulungileyo. Ungangishiyi, Jehova; Nkulunkulu wami, ungabi kude nami. Phuthuma, ungisize, Nkosi, nsindiso yami.
AmaHubo 38:1-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide, isikhumbuzo. Jehova, ungangikhuzi ngentukuthelo yakho, ungangijezisi ngolaka lwakho. Ngokuba imicibisholo yakho inginamathele, isandla sakho siyangilimaza. Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho; akukho ukuphumula emathanjeni ami ngenxa yesono sami. Ngokuba iziphambeko zami zedlule phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda. Amanxeba ami ayanuka, awonakele ngenxa yobuwula bami. Ngikhathazekile; Ngithobeke kakhulu; Ngizolila usuku lonke. Ngokuba izinkalo zami zigcwele isifo esibi, nomzimba wami awukho ophilileyo. Ngibuthakathaka, ngidabukile kakhulu; Ngabhonga ngenxa yobuhlungu benhliziyo yami. Nkosi, zonke izifiso zami ziphambi kwakho; nokububula kwami akufihlekile kuwe. Inhliziyo yami iyalangazelela, amandla ami ayaphela; ukukhanya kwamehlo ami nakho kuphelile kimi. Izithandwa zami nabangane bami bami kude nokulimala kwami; abafowethu bamela khatshana. Abafuna ukuphila kwami bangibekela izingibe, nabafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, baceba inkohliso usuku lonke. Kodwa mina, njengesithulu, angizwanga; futhi nganginjengesimungulu esingawuvuli umlomo waso. Ngakho nganginjengomuntu ongezwayo, okungekho emlonyeni wakhe ukusolwa. Ngokuba ngiyethemba wena Jehova; Uzakuzwa, Nkosi Nkulunkulu wami. Ngokuba ngithe: Ngilaleleni, funa bajabule ngami; lapho unyawo lwami lushelela, bazikhukhumeza kimi. Ngoba ngimi ngomumo, losizi lwami luphambi kwami njalo. Ngokuba ngiyakumemezela ububi bami; ngizozisola ngesono sami. Kodwa izitha zami ziyaphila, zilamandla, lalabo abangizonda ngokungafanele bayanda. Abaphindisela okubi ngokuhle bayizitha zami; ngoba mina ngilandela into enhle. Ungangishiyi, Jehova Nkulunkulu wami, ungabi kude nami. Shesha ungisize, Nkosi, nsindiso yami.