AMahubo 37:1-20

AMahubo 37:1-20 ZUL20

Ungakhathazeki ngababi, ungabi namona ngabenza okungalungile, ngokuba bazosishulwa masinyane njengotshani, babune njengemifino. Thembela kuSimakade, wenze okuhle, ukuze uhlale ezweni, uzondle ngokukholeka; zithokozise ngoSimakade, khona ezokunika okufiswa yinhliziyo yakho. Nikela indlela yakho kuSimakade; umethembe, Yena uzokwenzela okufisayo. Ukulunga kwakho kukhanye njengelanga; nobulungiswa njengemini. Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi. Deda entukuthelweni, uyeke ulaka, ungakhathazeki, lokho kuholela ebubini nje. Ngokuba ababi bayobhujiswa, kodwa labo abalindela uSimakade ngesineke, bayodla ifa lomhlaba. Kusazothatha isikhashana engabe esababikho omubi, uyothi lapho uhlola indawo abe kuyo, ungamfumani. Kepha abathobekileyo bazokudla ifa lezwe, bathokozele ukuthula okukhulu. Omubi umsongela okubi olungileyo, amququdele amazinyo. INkosi imhleka usulu, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe selusondele. Ababi bahosha inkemba, bansale iminsalo yabo ukuze baqumbe phansi abampofu nabantulayo, babulale ohamba ngokulunga. Izinkemba zabo zizodla bona, neminsalo yabo iphoqozwe. Kungcono okuncane anakho umuntu olungileyo, kunengcebo yababi abaningi. Izingalo zababi zizophoqozwa, kodwa uSimakade uyabasimamisa abalungileyo. USimakade uyazazi izinsuku zabamsulwa, ifa labo liyokuma kuze kube phakade. Abayukujabha ngesikhathi esibi; bayoba nenala ngezinsuku zendlala. Ababi bayobhubha, izitha zikaSimakade zishabalale njengobuhle bamadlelo. Ziyonyamalala njengentuthu, zishabalale.