AmaHubo 37:1-20
AmaHubo 37:1-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile. Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani, babune njengemithana eluhlaza. Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka; zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho. Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza. Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya, nokufanele wena njengemini. Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi. Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje. Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba. Kuse ngumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu. Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi, amgedlele amazinyo. INkosi iyakumhleka, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza. Ababi bahosha inkemba, bansale umnsalo wabo ukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu, babulale abandlela ilungile. Inkemba yabo izakungena kweyabo inhliziyo, iminsalo yabo yaphulwe. Okuncane anakho olungileyo kungcono kunemfuyo yababi abaningi. Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa, kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo. UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho; ifa labo liyakuma kuze kube phakade. Abayikujabha esikhathini esibi; bayakusutha ezinsukwini zendlala. Ngokuba ababi bayakubhubha; izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo: ziyakunyamalala, zinyamalale njengentuthu.
AmaHubo 37:1-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ungakhathazeki ngababi, ungabi namona ngabenza okungalungile, ngokuba bazosishulwa masinyane njengotshani, babune njengemifino. Thembela kuSimakade, wenze okuhle, ukuze uhlale ezweni, uzondle ngokukholeka; zithokozise ngoSimakade, khona ezokunika okufiswa yinhliziyo yakho. Nikela indlela yakho kuSimakade; umethembe, Yena uzokwenzela okufisayo. Ukulunga kwakho kukhanye njengelanga; nobulungiswa njengemini. Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi. Deda entukuthelweni, uyeke ulaka, ungakhathazeki, lokho kuholela ebubini nje. Ngokuba ababi bayobhujiswa, kodwa labo abalindela uSimakade ngesineke, bayodla ifa lomhlaba. Kusazothatha isikhashana engabe esababikho omubi, uyothi lapho uhlola indawo abe kuyo, ungamfumani. Kepha abathobekileyo bazokudla ifa lezwe, bathokozele ukuthula okukhulu. Omubi umsongela okubi olungileyo, amququdele amazinyo. INkosi imhleka usulu, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe selusondele. Ababi bahosha inkemba, bansale iminsalo yabo ukuze baqumbe phansi abampofu nabantulayo, babulale ohamba ngokulunga. Izinkemba zabo zizodla bona, neminsalo yabo iphoqozwe. Kungcono okuncane anakho umuntu olungileyo, kunengcebo yababi abaningi. Izingalo zababi zizophoqozwa, kodwa uSimakade uyabasimamisa abalungileyo. USimakade uyazazi izinsuku zabamsulwa, ifa labo liyokuma kuze kube phakade. Abayukujabha ngesikhathi esibi; bayoba nenala ngezinsuku zendlala. Ababi bayobhubha, izitha zikaSimakade zishabalale njengobuhle bamadlelo. Ziyonyamalala njengentuthu, zishabalale.
AmaHubo 37:1-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide. Ungakhathazeki ngababi, ungabahawukeli abenza okubi. Ngoba bazaqunywa masinyane njengotshani, babune njengezitshalo eziluhlaza. Thembela kuJehova, wenze okuhle; niyohlala ezweni, nondliwa. Zithokozise ngoJehova; futhi uzokunika okufiswa yinhliziyo yakho. Shiya indlela yakho kuJehova; thembela kuye futhi; futhi uyokwenza kwenzeke. Uyakuveza ukulunga kwakho njengokukhanya nokwahlulela kwakho njengemini enkulu. Hlala kuJehova, umlinde ngokubekezela; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi. Yeka ukuthukuthela, ushiye ukuthukuthela; ungathukutheli nganoma iyiphi indlela ukwenza okubi. Ngokuba abenzi bokubi bayakunqunywa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba. Kusengumzuzwana, omubi abe engasekho; yebo, kufanele ubhekisise indawo yakhe, futhi ngeke kube khona. Kodwa abathobekileyo bazakudla ifa lomhlaba; futhi bayojabula ngokuchichima kokuthula. Omubi uceba uzungu ngolungileyo, amgedlele amazinyo. INkosi izamhleka, ngoba ibona ukuthi usuku lwakhe luyeza. Ababi bahosha inkemba bahosha umnsalo ukuze bawise phansi abampofu nabampofu, babulale abahamba ngobuqotho. Inkemba yabo iyongena kweyabo inhliziyo, neminsalo yabo yaphulwe. Okuncane anakho olungileyo kungcono kunenotho yababi abaningi. Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa, kepha uJehova usekela abalungileyo. UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho, nefa labo liyoba phakade. Abayikuba namahloni ngesikhathi sobubi, nangezinsuku zendlala bayakusutha. Kepha ababi bayakubhubha, izitha zikaJehova zinjengamanoni amawundlu; ziyakuqeda ngomusi.