AmaHubo 37:1-20

AmaHubo 37:1-20 ZUL59

Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile. Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani, babune njengemithana eluhlaza. Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka; zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho. Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza. Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya, nokufanele wena njengemini. Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi. Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje. Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba. Kuse ngumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu. Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi, amgedlele amazinyo. INkosi iyakumhleka, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza. Ababi bahosha inkemba, bansale umnsalo wabo ukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu, babulale abandlela ilungile. Inkemba yabo izakungena kweyabo inhliziyo, iminsalo yabo yaphulwe. Okuncane anakho olungileyo kungcono kunemfuyo yababi abaningi. Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa, kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo. UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho; ifa labo liyakuma kuze kube phakade. Abayikujabha esikhathini esibi; bayakusutha ezinsukwini zendlala. Ngokuba ababi bayakubhubha; izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo: ziyakunyamalala, zinyamalale njengentuthu.