AMahubo 36:5-9

AMahubo 36:5-9 ZUL20

Simakade, umusa wakho ufinyelela emazulwini, ukwethembeka kwakho kufika emafwini. Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu, ukwehlulela kwakho kunjengotwa olujulile. Simakade, usindisa abantu nezilwane ngokufanayo. Umusa wakho uligugu, Nkulunkulu! Bonke abantu baphephela phansi komthunzi wamaphiko akho. Bazitika ngokumtoti okusendlini yakho, ubaphuzise emfuleni wokuthokoza kwakho. Ngokuba umthombo wokuphila ukuwe, ukukhanya sikubona ekukhanyeni kwakho.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 36:5-9