AmaHubo 36:5-9

AmaHubo 36:5-9 ZUL59

Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini. Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova. Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho. Bayakusutha ngamanoni endlu yakho, ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho. Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 36:5-9