AmaHubo 36:5-9
AmaHubo 36:5-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Simakade, umusa wakho ufinyelela emazulwini, ukwethembeka kwakho kufika emafwini. Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu, ukwehlulela kwakho kunjengotwa olujulile. Simakade, usindisa abantu nezilwane ngokufanayo. Umusa wakho uligugu, Nkulunkulu! Bonke abantu baphephela phansi komthunzi wamaphiko akho. Bazitika ngokumtoti okusendlini yakho, ubaphuzise emfuleni wokuthokoza kwakho. Ngokuba umthombo wokuphila ukuwe, ukukhanya sikubona ekukhanyeni kwakho.
AmaHubo 36:5-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini, nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini. Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova. Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka; abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho. Bayakusutha ngamanoni endlu yakho, ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho. Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.
AmaHubo 36:5-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Umusa wakho, Jehova, usezulwini; nokuthembeka kwakho kufinyelela emafwini. Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulu; Ukwahlulela kwakho kungukujula okukhulu; O Jehova, uvikela abantu nezilwane. Yeka ubukhulu bomusa wakho, Nkulunkulu! ngalokho abantwana babantu babeka ithemba labo ethunzini lamaphiko akho. Bayakusuthiswa ngamanoni endlu yakho; futhi kumelwe ubaphuzise emfuleni wenjabulo yakho. Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila; ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.