AMahubo 33:1-9

AMahubo 33:1-9 ZUL20

Yethabani kuSimakade nina abalungileyo. Ukudumisa kubafanele abaqotho. Mbongeni uSimakade ngomqangala, nimculele ngehabhu elinezintambo ezilishumi. Mhlabeleleni ihubo elisha, ngenhlokomo nangobuciko, nimdlalele imiqangala. Izwi likaSimakade lilungile, zonke izenzo zakhe zikholekile. Uthanda ukulunga nobulungiswa, umhlaba ugcwele umusa kaSimakade. Ngezwi nangomoya womlomo kaSimakade, kwadalwa amazulu namabandla wonke. Uqoqela ndawonye amanzi olwandle kube sengathi asembizeni, utwa uluqoqela ezinqolobaneni. Umhlaba wonke mawumesabe uSimakade; bonke abakhileyo ezweni, mabathuthumele phambi kwakhe. Ngokuba wakhuluma, kwaba khona, wayaleza, kwama, kwagxila.