AmaHubo 33:1-9

AmaHubo 33:1-9 ZUL59

Yethabani kuJehova nina balungileyo; ukudumisa kubafanele abaqotho. Bongani uJehova ngehabhu;* mdumiseni ngogubhu oluzintambo ziyishumi. Mhubeleni ihubo elisha, nibethe kahle ngenhlokomo. Ngokuba izwi likaJehova lilungile; zonke izenzo zakhe ziyakholeka. Uthanda ukulunga nokwahlulela; umhlaba ugcwele umusa kaJehova. Ngezwi likaJehova izulu lenziwa, namabandla onke ngomoya womlomo wakhe. Ubuthela ndawonye amanzi olwandle njengenqwaba; uwabeka ajulileyo ezinqolobaneni. Umhlaba wonke mawumesabe uJehova; bonke abakhileyo ezweni mabathuthumele phambi kwakhe. Ngokuba wakhuluma, kwaba khona; wayaleza, kwema khona.